Umele ukuthi uthole incwadi yokugunyaza uma ufuna ukwenza loku okulandelayo ukuthenga imoto entsha noma ese isebenzile kwamanye amazwe, ukuthenga imoto yezimpahla noma inqola edonswa ngenye nokwakha noma ukuguqula kancane imoto.
Umele ukuthi ube nencwadi yokugunyaza noma imoto yakhiwe kuleli noma yakhiwe kwelinye izwe.
izimoto, amabhasi kanye nezithuthuthu izimoto ezithwala izimpahla izinqola ezidoswa ngemuva kwezimoto izimoto eziyisipesheli nje ngoJibha ohambayo, ogandaganda nezimoto zokuvuna.
Zonke izimoto, noma zakhiwe lapha eMzansi noma kwamanye amazwe kumele zilandele amazinga abekwe ngumthetho wezinqola ezihamba emgwaqweni kazwelonke ka 1996. abathenga izimoto ngaphandle kwaleli kumele baveze ubufakazi bokuthi zilandele amazinga abekwe ngumthetho wezinqola ezihamba emgwaqweni kazwelonke ka 1996 babuse e SABS okuyondawo ebhekene namazinga okwenziwa kwemisebenzi eMzansi.
Isixwayiso: ifomu ligcwaliswa ngumuntu imoto ibhaliswe ngaye.
ikhophi yomazisi incwadi yamandla okumela uma ngabe yinkampani noma yinhlangano enkulu iafidaviti evela kumaphoyisa aseMzansi uma kuyimoto eyakhiwe. Loku kefanele kufake phakathi nenombholo yenjini, neyechesi, nemininingwane yonke yomsebenzi owenziwe nokuthi izinsimbi zitholakale kuphi.
nesitifiketi semvume yamaphoyisa nesitifiketi semvume yokuthi imoto ihambe emgwaqweni nesitifiketi sesisindo semoto izithombe ezimbili zemoto.
Khokha imali enqunyiwe.
Lencwadi yokugunyaza izobe isilungile ezinsukwini ezine kuya kweziyisithupha.
